UMLINGISI wakuleli ohlonishwa umhlaba wonke, uTerry Pheto, usaqhubeka nokuphakamisa ifulegi lakuleli emuva kokumenyezelwa kokuthi usethubeni lokunqoba indondo yeNational Film Award (NFA), e-United Kingdom.

UTerry ungene emnxeni weBest Supporting Actress ngendawo kaNaledi Khama ayilingisa efilimini, i-A United Kingdom kumaNFA. Usethubeni lale ndondo nje, ngasekupheleni konyaka odlule wayesethubeni lokuthola eyodwa kumaBritish Independent Film Awards (BIFA) emnxeni ofanayo. Engxoxweni neSolezwe uTerry uzwakalise ukujabula kakhulu ngokuthi usevuna izithelo ngomsebenzi wakhe.

“Ukuba sethubeni lokunqoba izindondo ezifana nalezi kusho lukhulu kimina ngoba kuchaza ukuthi umsebenzi wami esengiwenze iminyaka engu-13 uyabonakala. Kuchaza nokuthi abantu abasemazweni ahamba phambili kwezamafilimu bazoqhubeka banake abalingisi base-Afrika,” usho kanje.

Phambilini lo mlingisi uke waveza ukuthi akaphikisani nokuthi abalingisi bakwamanye amazwe balingise izindawo zabantu abaqavile bakwamanye amazwe. Wathi lokhu akanankinga nakho ngoba naye njengomlingisi wakuleli useke walingisa izindawo zabantu bakwamanye amazwe.

“Ngikholelwa ukuthi uma siqhubeka silingisa izindawo ezihluka hlukene senza kahle, lokho kuzonyusa ithemba kophrojusa bakwamanye amazwe ukuthi singakwazi ukuzibambela thina nakuleli,” usho kanje.

Efilimini i-A United Kingdom uTerry ulingisa indawo kaNaledi Khama, ongudadewabo kamengameli wokuqala waseBotswana, uSereste Khama, okusuke kuvezwa impilo yakhe kule filimu. Ukubeka lo mlingisi ethubeni lokubuya nale ndondo e-UK, ungavota kule website: www.nationalfilmawards.co.uk

Khonamanjalo, uzoqala ukukhonjiswa namhlanje phesheya kuBET umdlalo wethelevishini ozobe uveza impilo kalowo owayengumengameli wokuqala wentando yabantu, uDkt. Nelson Mandela, obizwa ngeMadiba. Lo mdlalo uneziqeshana eziyisithupha ezidonsa ihora. Kuwo uTerry uzobe edlala indawo kaWinnie Madikizela-Mandela kanti ekaMandela izobe ilingiswa uLaurence Fishburne
wase-United States.

Categories: Celebrity News